17 November 2007 ngathola ingozi yemoto sashayiswa ama truck angu two I engine yemoto yaphuma yajikijeleka lekude, Kwashona abantu ababili on the spot, omunye wafahlaka izinyawo zombili, mina ngashayeka I spinal cord ngangikwazi ukuhamba, ngingakwazi nokuzidlela.
Kunezinhlobo ezahlukene zabantu abafika endaweni yalenhlekelele 1. Kwafika abantu benkampanni edonsa izimoto, labantu bebengenandaba nokulimala kwethu bebafuna nje ukuthatha imoto. 2 Amaphoyisa nawo wayengenanda nokukhala kwethu sikhaliswa yizinhlungu wona ebefuna nje ukuthatha I statement sokuthi yenzeke kanjani ingozi.
3 abantu abebendlula ngendlela bafike bema ukubuka ukuthi kwenzakalani sasikhala bona baqhubeka nikulokhu besibuka ubuhlungu esasibuzwa nenkinga esasikuyo kwakuyi entertainment kubo.4 abantu abathatha izidumbu nabo abazange basibuke nokusibuka noma sasikhala babezifunela abantu abafile, ekugcineni kwafika ama paramedics yibo abesibuza ukuthi kubuhlungu kuphi besifaka amapayipi okuphefumula uma bekubamba ukhala bakuphephisele.
Empilweni uzodibana nabantu abangenandaba nokuthi kwenzakalani Empilweni yakho bafuna kuphela abangakuzuza kuwe, kubekhona abafuna ukuthatha I statement sezinto ezenzeka Empilweni yakho even if you not comfortable, abantu abathokoza ngenhlupheko yakho kubajabulise ukuthi wena usenhluphekweni, abantu abazuza ngokufa kwakho bese kuba abantu abahluphekayo uma uhluphekile, abezwa ubuhlungu uma uzwa ubuhlungu onhloso yabo ingukusiza nokubona abantu bezizwa sebencono ngemva kokuhlangana nabo.
By Lucky Ndlela
@Access to Success
Stay Blessed
No comments:
Post a Comment