WAIT FOR HIS TIME (Continued)
Umshumayeli 9:11
Ngabuye ngabona phansi kwelanga ukuthi ukujaha akuyi ngabanejubane,nokulwa ngamaqhawe,nesinkwa ngabahlakaniphileyo, nengcebo ngabaqondileyo ngokuba bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba.
Kwakunamadoda abevuka njalo ekuseni ayofola efuna umsebenzi, abefika eme esangweni, kuthi lapho umlungu evula isango labo abenejubane bagijime kuthi labo abanezikhwepha basunduze abanye ukuze babe phambili ku queue.
Kwakunendoda eyayivuka nayo njalo ekuseni iyofola nayo, ngoba yayizazi ukuthi ayinalo ijubane futhi nezikhwepha ayiphinga, yayfika njalo izihlalele phezu kwetshe, bayagijima iyababuka nje izihlalele etsheni, bayafushana ihleli ithule etsheni
Babeqashwa abantu imihla namalanga yona izihlalele etsheni, babeyibiza ngesilima esivilapha ukusebenza, besho nokusho ukuthi he is wasting his time ngabe ihlala ekhaya kodwa yayilokhu iqhubeke njalo nokufika ihlale etsheni.
Kwaphela unyaka ilokhu ivuka iyohlala etsheni. Ngelinye ilanga lavuleka isango bagijima abakwazi ukugijima bafusha abanezikhwepha waphuma umlungu wabadlula bonke waqonda kulendoda etsheni wafika wathi kune post ye manager and kudala sikubona uhleli la etsheni sibone ukuthi nguwe ongalunga kule post ngoba akufuneki abantu abatatazelayo kule post futhi akufuneki abantu abazolokhu befusha abanye kufuneka umuntu ozohlala abuke isimo obekezelayo, yawuthola kanjalo umsebenzi lendoda.
Sizothi la ungazibukeli phansi Wait for His time, izinto aziyi ngokuthi uzalwa ngubani, aziyi ngokuthi I background yakini injani, aziyi ngokuthi abantu bathini ngawe, aziyi ngokuthi usuhluleke kangakhi, lithi izwi leNkosi Bonke bahlangabezana nesikhathi nethuba bayeke abantu abafikelwe yithuba labo phela lithe lezwi BONKE okusho ukuthi nawe liyeza elakho ithuba all you have to do is WAIT FOR HIS TIME
By Lucky Ndlela
With Siphamandla Mathe
@Access to Success
BE BLESSED
No comments:
Post a Comment